Uxabane nomkakhe wakhiphela isibhongo kosibali

2016-12-29 11:31

Durban - Kusabatshazwa isihluku sowesilisa waseNamibia eNanda, enyakatho yeTheku odubule wabulala osibali bakhe ababili ngoLwesibili emuva kokuxabana nowakwakhe, kubika iphephandaba ILANGA.

Lesi sigameko sishiye umphakathi wakule ndawo ushaqekile njengoba kuthiwa umsolwa - ongeke adalulwe kuze kube uvela enkantolo - engqokloze osibali bakhe phakathi ekhweni emuva kokuba nengxabano nomkakhe, uNkz Smangele Zondo (obiza isibongo sakubo).

Kulesi sigameko kushone uNkz Funeka Zondo (42) nomfowabo uMnu Mbongeni Zondo (22).

Kuthiwa umsolwa wenze lokhu maqede wazinikela emaphoyiseni. Umthombo weLANGA uthi kakucaci ukuthi ingxabano isuswe yini phakathi kwalezi zithandani kodwa kuthiwa lona wesifazane uthuthe izimpahla zakhe emzini wakhe nomsolwa wagoduka.

Uthi lokhu kumcasulile umsolwa wabe eseqonda ekhweni ethi uyobheka umkakhe kodwa wafika engekho.

Ube eseqonda kuMnu Zondo - ongumfowabo kaSmangele - okuthe esakhuluma naye wavele wadonsa isibhamu wamdubula, ngokusho komthombo.

OLUNYE UDABA: Ufuna ilobolo lakhe ogilwe yingoduso

Kuthiwa emuva kokudubula uMbongeni, kuphume uFuneka wangabe esakhuluma lutho kodwa wavulela ngenhlamvu ebhekise kuyena washonela khona lapho.

Ethintwa uNkz Zondo, ucele ukuba abuye athintwe.

Uthe esethintwa okwesibili wacela ukungaphawuli ngalolu daba.  "Uyithathe kuphi inombolo yami, bengicela ukungaphawuli ngalokhu," kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe uMnu Zondo ushonele esibhedlela okusho ukuthi mabili amacala okubulala abhekene nomsolwa.

Uthi kulindeleke ukuba avele maduze eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.