Uxolisile oweDowns ngekhadi elibomvu

2017-10-18 14:03

Johannesburg - Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns uTiyani Mabunda usedlulise ukuxolisa kwakhe ngokukhishwa ngekhadi elibomvu bedlala neKaizer Chiefs ngoLwesibili ebusuku.

UMabunda angase ahlawuliswe ngumqeqeshi uPitso Mosimane ongeneme neze ngokukhishwa kwalo mdlali ngekhadi elibomvu behlulwa ngo-2-1 eLoftus Versfeld Stadium, kubika iKickOff.com.

Lo mdlali weBafana Bafana uthole ikhadi lokuqala eliphuzi ngesikhathi egxavuna uJoseph Molangoane ngemuva kokuba lo mdlali weChiefs edlalise kabi uKhama Billiat.

OLUNYE UDABA: Umfana weChiefs uchaza ngomdlalo wabo neDowns

UMabunda uphinde wathola elinye ikhadi eliphuzi ngokudlalisa kabi uGeorge Maluleka.

Ku-Twitter uthe: "Kulabo abangabalandeli bami nabakholelwayo kimina, ngiyaxolisa kakhulu ngokuthola ikhadi elibomvu izolo ebusuku. Bekungamale ngenze kanjeyana.”

UMabunda ngeke adlale imidlalo emibili elandeyo, nokusho ukuthi uzophuthwa umdlalo woSuthu ngoMgqibelo noweChippa United ngomhlaka-28 Okthoba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.