Uxoshiwe umqashi wendawo yokudlela obonakale eshaya isisebenzi

2017-08-09 14:00

Johannesburg – Umnikazi we-Ocean Basket, oshaye esinye sezisebenzi, usesusiwe njengophathi wale ndawo yokudlela, kusho inkampani ngoLwesithathu.

Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokusabalala kwe-video eveza umqashi womlungu eshaya ngezimpama isisebenzi somuntu omnyama kule ndawo yokudlela eseLakefield eBenoni.

Isikhulu esiphezulu se-Ocean Basket, uGrace Harding, sisigxekile lesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Kuwe ibhulohwe emgwaqeni omkhulu u-N3

Sithe isisebenzi sitsheliwe ngamalungelo aso kodwa sakhetha ukungalivuli icala.

Imibiko engaqinisekisiwe ithi lesi sisebenzi sishaywe ngumqashi ngoba sibanjwe siphuze utshwala okukholakala ukuthi sibuntshontshe khona esitolo.

Lesi sigameko sokushaya sivele ngemuva kwezinsuku abelungu abayisithupha beshaye izithandani zabantu abamnyama eKFC ePitoli. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.