Uyadivosa umculi odume umhlaba wonke

2016-07-29 14:30

New York – Sekuvele imibiko ethi umculi we-RnB odume umhlaba wonke, uMary J Blige, uyehlukanisa emshadweni nomyeni wakhe uMartin Kendu Isaacs.

Kuthiwa laba bayadivosa ngemuva kweminyaka engu-13 beshadile, ngenxa “yezinkinga ezingaxazululeki”.

Lokhu kuvezwe umbiko we-Entertainment Tonight.

Kumzwisa ubuhlungu uMary ukuqinisekisa ukuthi ngempela uyehlukanisa nomyeni wakhe, wathi kwesinye isikhathi izinto azihambi ngendlela esisuke sifisa ngayo,” kusho umkhulumeli wakhe.

OLUNYE UDABA: Sekuqinisekisiwe: OweHip hop uyadivosa nomkakhe

“Uthe konke okwenzekayo kunesizathu,” esho.

Uqhube ngokuthi lo mculi uzoqhubeka nokubhala umculo bese ekhipha i-albhamu yakhe ezophuma ekupheleni konyaka.

“Uthanda ukubonga abalandeli bakhe ngokumeseka kulesi sikhathi esinzima empilweni yakhe.”

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.