Uyagonyuluka 'umahosha owabulalisa umyeni'

2017-04-10 12:31

Durban - Ukhiphe ingonyuluka owesifazane obegwetshwe udilikajele obekuthiwa ungumahosha waseMbali, eMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal, oqede iminyaka emibili ebhadla ejele ngecala lokubulala umlungu obekusolwa ukuthi wayemdayisela isinene.

UThenjiwe Griffiths, 35, wagwetshwa udilikajele ngo-2014 ngecala lokubulala kodwa waphuma esehlale iminyaka emibili ngaphakathi ngemuva kokufaka isicelo sokwedlulisa icala, ngoLwesine olwedlule.

ILANGA libenengxoxo ekhethekile noGriffiths oveze ukuthi ubeshadile no-Allene Griffiths - owashona bedunwa imoto behamba naye ngaseColenso bephuma emzini wabo bevakashela kubo eMgungundlovu - obekusolwa ukuthi wabulawa emdayisela isinene.

Echaza ngokwenzeka ngosuku lwesigameko, uthi bengasemgwaqeni oseColenso, kwadingeka ukuba bame ngoba kwakunomsindo owawusemotweni ababehamba ngayo abangawuqondanga kahle.

“Sinomyeni wami sehla emotweni eyobheka ngaphambili ukuthi yini le eyayenza umsindo, mina ngangimkhanyisele ngefoni. Sithe sesiqedile sesingenile nasemotweni kwaqhamuka imoto yohlobo lweBantam. Kwehla izinsizwa ezimbili kuyona zeza kithina ziphethe isigubhu sazitshela ukuthi ziphelelwe uphethiloli kanti zizofike zisikhombe ngesibhamu zathi masehle sihlale ngemuva emotweni esasihamba ngayo.

“Omunye wabasolwa washayela imoto yethu, lo omunye wahlala nathi ngemuva esikhombe ngesibhamu. Lapho-ke sasesiphucwe imali namafoni ethu esengakubo. Umshayeli wayikhomba imoto yasuka. Lo osikhombe ngesibhamu wangiyalela ukuthi ngikhumule zonke izimpahla zami engangizigqokile ngisale ngesudu yesele.

“Nempela ngakhumula, wathi mangimkhothe sitho sakhe sangasese phambi komyeni wami. Lona ongumshayeli wathi masiye ngemuva ebhuthini singalwenzi ucansi phambi kwabo. Nebala wamisa imoto sehla esikhombe ngesibhamu. Kuthe esathi uyangidlwengula kwaqhamuka imoto yasishaya ngamalambu waphazamiseka wabaleka wangena emotweni, nami ngabaleka ngangena esikhotheni, yasuka imoto yahamba nomyeni wami ephakathi ngasala kanjalo mina emgwaqeni ngesudi yesele,” kuchaza uGriffiths.

OLUNYE UDABA: Amaqembu aphikisayo ahlangene ukuxoxa 'ngokuketula' uZuma 

Uthi usuke lapho wabaleka waze wasizwa yiloli elammela. Umshayeli weloli wamsiza wafonela amaphoyisa ase-Escourt. Uthi amaphoyisa yiwo lawa afika nezindaba zokuthi ubengumahosha.

“Lokhu akusho ngisasesiteshini sawo ngibhala isitatimende ngingagqokile, kwaze kwasa ngingagqokile nginjalo. Ngaze ngasizwa ngelinye ekuseni langinikeza izingubo zalo.”

Uthi wafonela wacela unina ukuba amlethele izingubo nokuthe uma efika base bethi makaphindele nawo amaphoyisa eColenso lapho kwenzeke khona isigameko.

Uthi kunethimba lamaphoyisa elaliphuma eMgungundlovu elamthuka ngazo zonke izinhlamba, limbuza ukuthi uphi umlungu ayehamba naye.

“Bangishaya bangikhahlela ngamabhuzu bethi mangikhulume iqiniso bengafuni ukunginika ithuba lokuchaza ngokwenzekile. Kusukela lapho ngaboshwa ngagwetshwa udilikajele,” kusho uGriffiths.

Uthi ubengasiye umahosha yena kodwa wayeshadile nomufi kanti futhi ubekusho lokhu ephethe nomazisi wakhe oqinisekisa ukuthi isibongo sakwaGriffiths hhayi uMthembu la ezalwa khona.

Uthi usafisa ukuhlangana nomshayeli weloli owamsiza ehamba emgwaqeni engagqokile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.