Johannesburg – Uzogwetshwa eNkantolo eNkulu yaseGoli namuhla usomabhizinisi wase-East Rand otholwe namacala angaphezu kwangu-800 kubalwa; elokudlwengula, ukuxhaphaza, ukuhlukumeza ngokocansi nokwenza amafilimu ocansi lwezingane.
Izisulu zikaWarren Troy Knoop kubalwa nezingane zamantombazane ezintathu, eyodwa yawo yayinonyaka owodwa ubudala ngesikhathi eqala ukuyihlukumeza.
NgoLwesihlanu, wakhihla isislo ngesikhathi ekhuluma nowesifazane owayeyothamela icala. Wamutshela ukuthi uyaxolisa ngakwenza kuye.
OLUNYE UDABA: Uvelile umalugaju waseKZN enkantolo
Isisulu sikaKnoop sesibili yintombazane eyayineminyaka engu-12 uybudala eyazama nokuzibulala ngo-2013.
Isisulu sesithathu sasineminyaka engu-11 ubudala.
UKnoop wabanjwa ngesikhathi iziphathimandla zase-US zimthola esababalisa ngenqwaba yamavideo ku-internet kwi-website yezikhohlakali ezinukubeza izingane.
Ngokusho kwenhlangano iWomen and Men Against Child Abuse, wayenyonyobela omama abangashadile abanezingane nezingane zabo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter