Uyakhala okhishwe emzini wakhe odliwe yibhange

2017-08-04 18:00

eGoli - UNomsa Agrinette usexoshiwe emzini wakhe asehlale kuwo iminyaka engu-22.

Uthi kunowesilisa owafika emzini wakhe wamtshela ukuthi lo muzi ungowakhe.

UNomsa, 57, ohlala e-Ennerdale eNingizimu yedolobha laseGoli uthi ubengakaze awudayise umuzi wakhe.

“Le ndoda ilokhu ingiphoqa ukuba ngiphume emzini wami kodwa angikaze ngikhangise ngawo ngithi ngiyawudayisa,” kusho yena.

Uthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu athenge umuzi wakho ungakaze uwudayise.

OLUNYE UDABA:UBen 10 ushise umuzi kaSugar mama ngemuva kokwaliwa

Iphephandaba iDaily Sun izamile ukuxhumana nalo mlisa othe umuzi ungowakhe futhi unalo netayitela.

Uvumile ukuthi uke wazama ukukhipha uNomsa endlini.

“Le ndlu yadliwa yibhange ngoba wayengasakhokhi,” kusho uGrant Davis.

Uthi uneminyaka emibili awuthenga lo muzi futhi uNomsa nomndeni wakhe ngisabanika isikhathi sokuba baphume.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.