Uyakhala umdlali oxoshwe engazelele

2016-07-11 13:33

UJohnnesburg - Kuphelile phakathi kweLamontville Golden Arrows nomgadli ofike kuleli qembu kubhekeke lukhulu kuyena.

I-Arrows ngesizini ephelile ishaye inqwaba yamaqembu abefuna uKhayalethu Mjoli,23, obedlala kwiNatal United yaseMsinga egijima kwi-ABC Motsepe League eKZN.

Umjoli wayefunwa  amaZulu FC, Free State Stars nePlatinum Stars kodwa wagcina ekhethe i-Arrows eyamsayinisa inkontileka yeminyaka emihlanu.

Funda nalolu daba: Uthi kuyamjabulisa ukuthi iPirates ngeke idlale e-Afrika

 Ngokombiko wephephandaba ILANGA, lo mdlali ubizelwe emahhovisi eqembu ngeledlule watshelwa ukuthi sekufike abadlali abangcono kunaye ngaleyo ndlela bayamchitha.

Lo mdlali ngesikhathi ekhuluma nephephandaba ukuqinisekisile ukuthi akaseyena umdlali we-Arrows.

Uthe inhliziyo yakhe ibuhlungu kakhulu njengoba esehleli ekhaya engenalo iqembu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.