Uyakhula umkhankaso wokuvalwa kwe-ANN7 yamaGupta kuDStv

2017-04-06 12:31

Johannesburg – Umkhankaso oqhutshwa online (petition) oqalwe ezinsukwini ezingu-5 ezedlule ngamakhasimende eDStv wokuthi kukhishwe isiteshi sezindaba i-ANN7 eziteshini ezitholaka kuDSTV ususayinwe ngabantu abangaphezu kuka-11 000.

Laba abaqhuba lo mkhankaso bafuna ukuthi lesi siteshi sikhishwe kuDStv njengoba besisola ngokuthi “sichemile futhi sidala uqhekeko ezweni”.

Bagxeke kakhulu indlela lesi siteshi esibika ngayo izindaba nabathi “sisabalalisa ulwazi oludukisayo nolunombono othile wezepolitiki” uma ngabe sibika ngezindaba zezepolitiki, bathi bona abasafuni ukuqhubeka nokukhokhela lesi siteshi sezindaba esiphethwe abakwaGupta baphinde banxusa noDStv ukuthi “ungazeseki izindaba ezingombombayi”.

OLUNYE UDABA:‘Abangani’ bamaGupta abahlanganise ‘umbiko’ oxoshise uGordhan

“Ngiyaphikisana nokuthi i-ANN7 ibe yingxenye yokutholakala kuDStv. Banikeza ngokuphelele izindaba ezingumbombayi futhi lokhu abakwenzayo kufana nokusethuka,” kusho uJenny Zaidel.

UBerne Nightingale uthe “I-ANN7 yisiteshi esisabalalisa ulwazi oludukisayo nolunombono othile kwipolitiki, akumele kudingeke ukuthi ngisikhokhele”.

U-Elise Hattingh ube esengeza ngokuthi: “Lo doti ucekela phansi izwe lethu”.

Ngale kwalokho, i-ANN7 sekube kaningana igubuzelwe yizigameko abanye abathi ukubika okungekho ezingeni elifanele okwenziwa izintatheli ezingamavukana, amaphutha okubhalwe phansi, ubuhixihixi bemishinini kanye nasemoyeni, kanye nokubika okungelona iqiniso.

UMultichoice uthi uma kukhona izikhalo ngokubikwayo esiteshini kumele zidluliselwe ku-BCCSA, wathi wona awukwazi ukulawula okubikwayo.

I-ANN7 ithe angeke ikwazi ukuphawula okwamanje ngoba isafuna ukuxhumana nenkampani eyikhulumelayo kuqala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.