Uyangilahla unembeza ngokusula kukaMakhosi Khoza - Sisulu

2017-09-21 19:29

Johannesburg - "Unembeza uyangilahla ngokuthi ngingameseki ngiphinde ngimduduze lowo obeyiLungu le-ANC ePhalamende uMakhosi Khoza," kusho lowo oyilungu lesigungu esiphezulu ku-ANC uLindiwe Sisulu ngoLwesine.

USisulu ubekhuluma kanje kulandela ukusula kukaKhoza okushaqise abaningi ngesikhathi ekumemezela ngoLwesine ekuseni eveza ukuthi akaselona ilungu le-ANC.

"Ngiyazi ukuthi ubebhekene nobunzima. Ngokwami, unembeza uyangilahla ngoba angizange ngelule isandla ngimnikeze ukwesekwa kanye nokududuzwa abekudinga.

"Bengifuna ukukwenza lokho kepha ngalibala yizinto zami. Silahlekelwe ngumuntu obengasabi ukumela iqiniso. Ngifisa engabe akazange ayishiye inhlangano," esho.

OLUNYE UDABA: Liphume nobomvu – kusho i-MKMVA ngokusula kukaMakhosi Khoza

USisulu uzwe ngokwesula kukaKhoza ngesikhathi ethatha imibuzo ezintathelini engqungqutheleni yokuhlaliswa kwabantu ebiqhubeka eGoli.

Lo ngqongqohe ezwakale encoma isibindi sikaKhoza, ethi ukuphikelela kwakhe kumkhumbuza lokho okukaChris Hani owayengasabi lutho.

"Ngijabhile kakhulu, abantu abanesibindi njengaye abakwazi ukusitshela uma sesiphambuka. Abantu abafana naye ababeke i-ANC kule ndawo ekuyo manje.

"UChris Hani nguye owafaka i-ANC endleleni ekuyo njengamanje. Ngesibindi ayenaso wayekwazi ukutshela ubuholi be-ANC uma sebuphuma emgqeni," esho.

Uthembise ngokuthi uzozama ukuxhumana noKhoza ngocingo azame ukumguqula umqondo ngesinqumo asithathile sokwesula kuKhongolose.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.