Uyaphika ukuthi ubezama ukuzibulala uPistorius - Umbiko

2016-08-07 13:41

Pretoria – Asikho isiqiniseko sokuthi ngabe u-Oscar Pistorius ubezama ukuzibulala yini ngoMgqibelo noma ulimale ngesikhathi ewa embhedeni ngempela.

Nomndeni wakhe awufuni ukuthi vu ngalolu daba okwamanje.

Isikhulumi sawo u-Anneliese Burgess uthe yonke imibuzo ayidluliselwe eMnyangweni wezokuHlunyeleliswa kwezimilo.

“Yibona abantu abangaphawula kangcono okwamanje,” kusho uBurgess.

Funda nalolu daba: Uphuthunyiswe esibhedlela uPistorius

UMnyango udalule kuphela ukuthi u-Oscar ulimele (usikekile) ezihlakaleni wathola usizo lokuqala eKgosi Mampuru II Prison ePitoli labo egcinwe khona ngaphambi kokuba adluliselwe eKalafong Hospital.

Ngokusho koMnyango ubuyisiwe esibhedlela ngokuhamba kosuku, bathe nakuba u-Oscar ekuphika ukuthi ubezama ukuzibulala, ngeke bafune ukukhuluma ngodaba oluthinta isiboshwa emphakathini.

UMbuso wakhika isaziso emasontweni edlule sokuthi uzosiphikisa isigwebo anikwa sona uPistorius ngoba ukholelwa ukuthi sincane kakhulu, kubika iPretoria News.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.