Uyaqhubeka enkantolo umbango we-ANC eKZN

2017-09-12 09:31

Pietermaritzburg – Udaba olufakwe enkantolo ngemizamo yokuba kuchithwe imiphumela yokhetho lwengqungquthela ye-ANC eKZN yangoNovemba 2015 kulindeleke luqhubeke eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili.

Ikhansela le-ANC uLawrence Dube nabanye abane bamangalela i-ANC ngoMayi 2016.

Isinqumo yasigodla inkantolo ngokwedlule.

Kwabathintekayo kulolu daba kubalwa nosihlalo we-ANC esifundazweni uSihle Zikalala, yiphini lakhe uWillies Mchunu, yi-ANC qobo lwayo, yi-Electoral Institute of Southern Africa, kanye nezinye izikhulu eziphezulu ze-ANC.

OLUNYE UDABA: Utholakale egqitshwe ethuneni utolika

Kule ngqungquthela esematheni uZikalala wehlula uSenzo Mchunu kwesokuba ngusihlalo wenhlangano esifundazweni.

UZikalala wathola amatovi angu-780, uMchunu wathola angu-675, kubavoti abantu abangu-1 459 abavota.

Ngemva kwengqungquthela, ‘sekuxoshwe’ noMchunu, amalungu ayengeneme, okukholakala ukuthi ngabalandeli bakhe, bafuna ukuba ingqungquthela ithathwe njengengekho emthethweni, bekholelwa ukuthi amavoti akhwabaniswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.