Uyaqhubeka umkhankaso wokuthungathwa kosana oluthunjwe eThekwini

2017-03-11 08:38

Durban – Amaphoyisa azosebenzisa zonke izinsiza ezikhona ukuzama ukuthola usana olunenyanga eyodwa luzelwe oluthunjwe ngesikhathi kudunwa imoto kanina eThekwini ngoLwesihlanu.

“Okumqoka kithi ukuthi sithole lolu sana,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane etshela iNews24.

Kusetshenziswa ngisho izinja ezihogela umkhondo njengoba kuthungathwa le ngane yentombazane ogama layo nguSiwaphiwe. Ilahleke ngesikhathi yona nonina nomfowabo oneminyaka engu-8 ubudala bedunwa imoto eGame City ngabo-11:45 ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zishaye zachitha nemoto kunengane phakathi eThekwini

Abasolwa ababili abebehlomile bafike kulo mama banxenxa ukuthi abanikeze izikhiye zemoto, base beshaya beyachitha nalolu sana kanye nemoto.

Amaphoyisa ayithole kuMoody Crescent, eMontclair, ngoLwesihlanu ntambama, imoto kepha ingane ingekho phakathi.

OweMarshall Security uKyle van Reenen uthe kuthathwe isihlalo sengane kanye nenqola yayo emotweni.

Basola ukuthi kungenzeka ukuthi lesi sigameko sihlobene “nodaba lwasekhaya”, wathi kodwa bazolandela yonke imikhondo.

Kuthiwa lolu sana luthunjwe lugqoke i-vest nenabukeni kuphela, kuphetha uZwane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.