Uyashiya kwi-Vuma FM uDJ Sbu

2017-01-22 11:02

Johannesburg - Kubukeka sengathi akahlukani nezinkulumo uDJ Sbu ogama lakhe lokuzalwa nguSbusiso Leope.

Lokhu kuza ngemuva kokuzwakale ukuthi useyashiya emsakazweni iVuma FM kungakapheli nonyaka ajoyina lo msakazo ozinze KwaZulu-Natal.

Imithombo ekulesi siteshi ithi akucaci ukuthi lo DJ uhambelani kulo msakazo.

Kusolwa ukuthi akaboni ngaso linye nomphathi omusha wesiteshi.

OLUNYE UDABA: Angase akhuze ibuya emsakazweni wase-KZN uDj Sbu

Omunye umthombo utshele iSunday Sun ukuthi:"Ngesikhathi uDJ Sbu efika ngoJuni ngonyaka ophelile kulesi siteshi abaphathi bathi kulindeleke imphumela emihle emsakazweni.

USbu ushayela uhlelo lwasekuseni iDJ Sbu Breakfast phakathi nezinsuku kuVuma FM kanye nakuRise FM ezinze eMpumalanga.

Uphrojusa wakulesi siteshi uthe umphathi wesiteshi, uPearl Sokhulu, ufuna ukwenza izinguquko kuVuma FM ezingehlanga kahle kuSbu.

UPearl nguye umphathi wesiteshi. Nguye othatha izinqumo kanti abanye abasebenzi okubalwa kubo noSbu abahambisani nezinqumo azithathayo kodwa akukho abangakwenza ngoba nguye umphathi.

Omunye umthombo uthe uSbu uvumelekile ukukhangisa ngesiphuzo sakhe iMofaya emsakazweni kanti uPearl ufuna ukukushintsha konke lokho.

UDJ Sbu wakhonjwa indlela kuMetro FM kulandela ukukhangisa ngesiphuzo sakhe kuma-Metro FM Music Awards.

Okhulumela iVuma FM uTee van Heerden uqinisekise ukuthi uDJ Sbu useyawushiya lo msakazo.

"Uzosishiya ekupheleni kukaFebhuwari."

UPearl noDJ Sbu abatholakalanga bephawula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.