Uyavela enkantolo ‘owabulala intombi wayigqiba emuva kwendlu’

2017-01-22 15:19

Johannesburg – Owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseTemba, eHammanskraal, ngezinsolo zokubulala intombi yakhe, wayishisa wase eyigqiba emuva kwendlu.

Kuthiwa umsolwa wabulala intombi, wayokhela ngomlilo wase eyimbela umgodi kubo eTemba ngo-Okthoba wonyaka owedlule.

Wabe eseya emaphoyiseni wayoyibika njengomuntu odukile, kepha umakhelwane wakhe waba nokusola wase ethinta amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala intombi eyisola ngokujola

Kuthiwa ngokuhamba kwesikhathi umsolwa wazinikela emaphoyiseni wavuma icala, wakhomba lapho agqiba khona isidumbu.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubele uthe: “lUmsolwa uhlambulukile wathi ngaphambi kokugqiba umufi, waqale wamshisa.

“Wabe eseholela amaphoyisa endaweni yesigameko, nangempela kwatholakala amathambo kamufi.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.