Uyavela enkantolo 'oweba' ingane emtholampilo

2016-07-11 11:31

Durban - Owesifazane oweba ingane enamasonto ayisithupha izelwe KwaMsane Clinic enyakatho yesifundazwe yaKwaZulu-Natal, uboshiwe.

UNomfundo Mthembu,32, uthi ngoLwesine wahambisa ingane, uSibekezelo Dlamini, emtholampilo iyogoma.

“Sasihleli nabanye abantu besifazane ngesikhathi umsolwa ebonakala esedlalisa izingane zethu.

“Wayebukeka enenhliziyo enhle futhi egqoke kahle,” kusho uNomfundo.

Ngokuhamba kwesikhathi lona wesifazane wathi kunodadewabo osegunjini labatetayo ufuna ukuyombheka. Ucela ukuhamba nengane yami.

Funda nalolu daba: Kuboshwe obeyofuna usizo emaphoyiseni

“Ngaqala ukusona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi sekumele kugonywe uSibekezelo. Ngaya ewadini, kodwa wayengekho.”

Omunye wamanesi wakhumbula ukuthi umsolwa wayekade ebonane nodokotela ngaphambi kwesehlakalo. Babheka imininingwane yakhe lapho kubhaliswa khona.

Uphiko lweFamily violence, child protection and sexual offences lwabe selumthungatha.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe owesifazane bamthola elele nengane endlini.

“Kuvulwe icala lokuthumba kanti owesifazane uzovela eNkantolo yeMantshi yaKwaMsane namhlanje.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.