Uyavela enkantolo umama osolwa ngokubulala izingane ezine

2016-07-12 16:03

Bamberg – Abazali bezingane ezingu-8 ezatholakala zibulewe emzini oseningizimu neGermany bavele enkantolo ngoLwesibili, kanti umama usolwa ngokubulala izingane ezine kulezi.

Ubaba yena usolwa ngokufaka isandla nokufihla imikhuba kankosikazi wakhe.

Izidumbu zalezi zingane ezazisanda kuzalwa zatholwa ngoNovemba zigoqwe ngamathawula zase zifakwa koplastiki emzini walezi zithandani eWallenfels.

Abashushisi basola umama ngokubulala ehlelile lezi zingane ezine.

OLUNYE UDABA: Libuyele enkantolo elikamama owabulala izingane zakhe

Okwamanje akucaci ukuthi lezi ezinye izingane zazalwa sezishonile noma cha.

Ngokwabashushisi, la bazali babulala lezi zingane ngoba bengeke bakwazi ukukhulisa ezinye izingane.

Lezi zithandani, ezahlukana ngaphambi kokutholakala kwalezi zidumbu, zinezingane ezintathu eziphilayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.