Uyavela obanjwe nempahla eyebiwe eKapa

2018-04-13 11:03

Cape Town - Amaphoyisa ophiko lwezinja iK9 eWestern Cape agaxe ngozankosi indoda eneminyaka engu-42 ubudala ngesikhathi iyongena egcekeni lakwayo.

La maphoyisa enze lokhu ngemuva kokuthola ukuthi le ndoda ihamba ngemoto eyasetshenziswa ngesikhathi kuphangwa eWynberg ngoLwesithathu wangomhlaka-11 Ephreli.

Kutholakale amabhokisi agwayi kule moto, amaphoyisa abe esephosa umsolwa ngemibuzo.

OLUNYE UDABA:Kugwetshwe usomabhizinisi ngokutholakala nogwayi ongekho emthethweni

Umsolwa waholela amaphoyisa emzini oseKhayelitsha Site C lapho abafica khona ambhokisi awu-50 ezinhlobonhlobo zikagwayi. Kulo muzi kwakungekho muntu.

Ngokwesitatimende samaphoyisa umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Athlone namuhla (ngoLwesihlanu) ngokutholakala nempahla eyebiwe.





NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.