Uyavela osolwa ngamacala angu-23 okudlwengula

2016-08-18 10:00

Cape Town – Owesilisa osolwa ngokudlwengula izikhawu ezingu-23 eminyakeni emihlanu kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBellville ngoLwesine.

Umsolwa, 33, wagcina ukuvela enkantolo ngoMeyi lapho uMbuso wacela khona ukuba icala lihlehliswe ukuze uzoqhubeka nophenyo.

Ubufakazi obukhona buyamanisa le ndoda nalezi zigameko, okuthiwa zenzeka eDelft naseKhayelitsha.

OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo usomahlaya ngawokudlwengula

Ngokusho kwamaphoyisa, le ndoda yayilandela izisulu zayo bese izisabisa ngaphambi kokuzigebenga ubucwebe nemali.

Le ndoda yaboshwa ezinyangeni ezintathu ezedlule ise-Epping, eKapa.

Izisulu zayo ziphakathi kweminyaka engu-18 no-28 ubudala, kanti ezinye zise-Eastern Cape ngokuhlala.

Umsolwa watshela inkantolo ngaphambilini ukuthi ngeke asifake isicelo sebheyili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.