Uyavela osolwa ngokubulala unina newele lakhe

2017-02-06 14:30

Cape Town - Kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseStrand namuhla indoda esolwa ngokugwaza ibulale umama wayo newele layo ikwenza lokhu besalele.

Kubikwa ukuthi le ndoda ikwenze lokhu phambi kwesihlobo sayo esineminyaka engu-5 ubudala.

Umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala uboshwe ngamaphoyisa kuthelawayeka u-N2 ngemuva kokubaleka ekhaya kulandela isigameko sokubulala ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Liyaqhubeka elasomabhizinisi osolwa ngokubulala inkosikazi

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uthe le ndoda ibuyele ekhaya  ekuseni ngovivi ngawo uMgqibelo, yafica unina, 60, nodadewabo oneminyaka engu-22 ubudala belele.

Bobabili umama nentombazane bagwazwa bese bashona.

"Imbangela yesigameko ibingakaziwa," kusho uRwexana ngoMsombuluko.

Isihlobo esineminyaka engu-5 ubudala yiso ebesikhona ngesikhathi sesigameko.

Ikhansela lendawo uSithembile Mfecane elivakashela kulo muzi kulandela isigameko lithe lizama ukuhlelela le ngane, 5, ukuba iyokwelulekwa ngokomgqondo.

"Ithe ikahle kodwa lokho akujiki lutho, isengumfana omncane osakhula," kusho uMfecane etshela abeNews24.

"Iwele likamsolwa belinengane enezinyanga ezine izelwe. Umphakathi ukhathazekile ngokuthi ngubani ozoyinakekela njengabo ubaba wayo ese-Eastern Cape."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.