Uyavela osolwa ngokweba usana eThekwini

2016-08-16 14:29

Durban - Kulindeleke ukuba owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngecala lokweba ingane.

Lo wesifazane waboshwa ngamaphoyisa aseThekwini ngemuva kokuthola ukuthi uKwaNyuswa eHillcrest ngoMsombuluko.

Ngomhlaka-13 Agasti 2016 ngezithuba zabo-10:00 isisulu sasikwesinye sezibhedlela zaseThekwini ngemuva kokubeletha usana lwaso lomfana.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ozame ukweba izingane izikhawu ezintathu

Isisulu sabe sesiqondwa umsolwa owacela ukusiza isisulu njengoba abomndeni babengafuni ukusilanda esibhedlela. Isisulu nomsolwa baphuma esibhedlela baya edolobheni lapho umsolwa wapha khona isisulu ukudla.

Ngemuva kwesikhashana kusolwa ukuthi umsolwa wathuma isisulu ukuba siyokuyothenga i-airtime yena wasala nengane erenki yamatekisi. Ngesikhathi isisulu sesibuya umsolwa nengane babengasabonwa.

Kwavulwa icala lokweba ingane esiteshini samaphoyisa aseThekwini ukuze kuzophenywa.

Amaphoyisa akwazi ukuthola umsolwa endaweni yaKwaNyuswa nengane yatholwa isaphila.

Umsolwa wathweswa icala lokweba ingane, kulindeleke ukuba avele namuhla enkantolo.

Ngokwesitatimende samaphoyisa ingane yanikwa umama wayo ngemuva kokuhlolwa isimo sempilo.



- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.