Uyavela owadlwengula ingane yesiqashi waqede wayipha uR5

2017-09-28 10:59

Cape Town - Kulindeleke ukuba ibuyele eNkantolo yeMantshi Bishop Lavis namuhla (ngoLwesine) indoda esolwa ngokudlwengula intombazane, 6, yaqeda yayinika imali engu-R5.

Le ndoda, 53, yaboshwa ngo-Agasti ngemuva kokwenzeka kwesigameko eBonteheuwel.

Le ndoda inqatshelwe ibheyili.

OLUNYE UDABA:Umastende usolwa ngokudlwengula ingane maqede wayipha u-R5

Umsolwa kukholakala ukuthi wanika intombazane imali engu-R5 ngemuva kwezinsolo zokuyidlwengula ethoyilethi.

Kuzwakale ukuthi umama wengane wabamba le ndoda ethoyilethi nendodakazi yakhe.

Lo mama nendodakazi baqashe emjondolo osegcekeni lo msolwa.

Iziphathimandla nzabikelwa ngodaba ngemuva kokuba umama wesisulu esihambise emtholampilo.

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.