Durban - Uyavela eNkantolo yeMantshi yasePinetown owesifazane waseThekwini osolwa ngokushiya ingane yakhe ezelwe etekisini.
Lo mama, onguPhindile Mpheshwa, oneminyaka engu-37 ubudala kusolwa ukuthi washiya ingane yakhe yomfana igoqwe ngengubo etekisini enxanxathela yezitolo iPavillion ngoDisemba ngonyaka ophelile.
Kusolwa ukuthi washiya ingane yakhe nencwajana kanye nemithi yengane.
OLUNYE UDABA: Udedelwe ngesexwayiso owashiya ingane etekisini
Ngaphambilini lo wesifazane wadedelwa ngesexwayiso enkantolo ngemuva kokuba ilalele ukuthi akasiye umuntu ongalibalekela icala.
Lo mama unezinye izingane ezimbili kanti wenza umsebenzi wokunakekela izingadi.
Ingane kumanje igcinwe endaweni ephephile.
- SABC
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter