Uyavela umfundi waseDUT ongumholi weFees Must Fall

2017-01-19 11:30

Durban – Idlanzana labalandeli bomholi womkhankaso wemfundo yamahhala, iFees Must Fall, uBonginkosi Khanyile, belilinde ngaphandle kwenkantolo ngaphambi kokuba kuqhubeke icala lakhe eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.

UBonginkosi Khanyile usethole ukwesekwa okukhulu kusukela aboshwa ngesikhathi semibhikisho yeFees Must Fall esikhungweni semfundo ephakeme, iDurban University of Technology (DUT) ngoSepthemba wangonyaka odlule.

Wanqatshelwa ibheyili ngenxa yokuphula umyalelo wenkantolo wangaphambilini.

OLUNYE UDABA: Amalungu e-EFF afuna kudedelwe owe-Fees Must Fall osesele yedwa ejele

UKhanyile ungaphansi kophiko lwabafundi lwe-EFF kanti ubhekene namacala angu-8, okubalwa kuwo awokudala udlame emphakathini, ukuhlangana okungekho emthethweni, ukuba sendaweni ongavunyelwe ukuba kuyona kanye nokuphehla udlame.

Lo mholi wabafundi waphonsela inselelo isinqumo seNkantolo yeMatshi eThekwini sokumnqabela ibheyili ngo-Okthoba nangoNovemba ngonyaka odlule.

Ukunqatshelwa kwakhe ibheyili kwathukuthelisa kakhulu abalandeli be-EFF nalapho omunye wabaholi babo, uGazuzu Nduli, abiza khona imantshi ngomcwasi omhlophe, wathi futhi ichemile ngaphandle kwenkantolo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.