Uyaveva odlelwe indawo yakhe engazi

2017-05-27 09:34

Durban - Uyaveva owesifazane wase-Ashdown okhala  ngokuthi  kunomuntu owakhelwe  umxhaso phezu komhlaba wakhe awuthenga.

UNeli Ntombela ukhala ngokuthi wathenga indawo yokwakha  entabeni kaDambuza eminyakeni cishe engama-20 eyedlule kodwa manje usethole ukuthi kunabantu abakhelwa imixhaso kuyona indawo yakhe ngaphandle kokuthi aziswe yena.

“Lendawo sayithenga nomyeni wami ngonyaka  ka-1997 sathola itayitela  ngo-1998. Ngonyaka ka-2003 sabizwa ukuthi kuzokwakhiwa izindlu asihambe siyobheka amagama ethu. Satshelwa ukuthi sizokwakhelwa imixhaso ezindaweni zethu.

"Ngathi sengiyezwa kwathiwa seyakhiwe imixhaso kodwa endaweni yami kwakhelwe omunye umuntu engingamazi. Ngahamba ngaya  kozibhekela ngafike ngabona ngisho inamba yendlu ukuthi ilena yetayitela lami kodwa  indlu eyomuntu umuntu,” kubeka yena.

Uqhube wathi akanankinga yena nendlu yomxhaso into anenkinga nayo ukuthi indlu yakhiwe endaweni yakhe ayithenga  ngaphandle kwemvume yakhe.

OLUNYE UDABA:Angase adlelwe umuzi owayengu-kapteni weBafana

“Ngithola izincwadi ezingitshela ukuthi kumele ngikhokhele amanzi nogesi. Ngizoyikhokhela kanjani into okungayona eyami? Kungani bethumelela mina incwadi ngoba phela indlu akuyona eyami.  Into engiyifunayo incazelo ukuthi njengoba sebakhe endaweni yami nginxephezelwa kanjani, okanye ngizofika nogeleja ngiwise  lendlu yabo yomxhaso.”

Uqhube wathi  usuyihambile iminyango yezezindlu eseMgunguindlkovu ngemuva kokuthola ngalokwakhiwa kwendlu kodwa bonke bamutshela ukuthi indawo eyakhe kodwa indlu akuyona eyakhe. Uthi bamuthembisa  ukuthi bazomuthinta  kodwa kuze  kube imanje abakaze bamuthinte.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeZindlu eMgungundlovu yonke ibhuntshile  njengoba izingcingo bezikhala zingabanjwa, kubika i-Eyethu News.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.