Uyaveva okuxoshwe ingane yakhe esikole ngoba ikwetela

2016-07-27 11:30

Durban - Bayavutha abazali bomfundi wase-Overport Secondary School eThekwini ngemuva kokuba uthishanhloko wesikole ‘exoshe’ abafundi abakweleta imali yokufunda.

Isikole kuthiwa sithe sidinga imali ngemuva kokugqekezwa kwaso ngenyanga edlule.

NgoMsombuluko ekuseni kuthiwa uthishanhloko ukhiphe umyalelo oqinile obhekiswe kubafundi abasakweleta imali yesikole.

UNoxolo Sishi,47, waKwaMashu utshele iDaily Sun uktuhi indodakazi yakhe eneminyaka engu-17 ubudala, eyenza u-matric, ifike ekhaya ikhala ngoMsombuluko.

Funda nalolu daba:  Ubuyela enkantolo owabanjwa nekhanda lomuntu erenki

“Ungitshele ukuthi abafundi abakweleta imali yesikole banikezwe izincwadi kuthiwa abakhokhe imali egcwele. Uthe uthishanhloko umtshele ukuthi akakhokhe u-R1 500 noma abuye nabazali bazodingida indlela yokukhokha,” kusho uNoxolo.

Uthi wakhokha u-R600 kodwa ubesehluleka ukukhokha imali engu-R900 esasele.

“Uthishanhloko kumele okungenani abavumele abafuni babhale izivivinyo bese ebamba imiphumela yabo ekupheleni konyaka,” kusho lomama osebenza emakhishini.

USicelo Khuzwayo, okhulumela uNgqongqoshe woMnyango wezemfundo eKZN, uMthandeni Dlungwana, uthe akekho uthishanhlomo onelungelo lokuxosha abafundi ngenxa yokuthi abazali abanayo imali yokukhokha.

Uthe bazolubhekisisa lolu daba.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.