Uyaveva onqatshelwa ukondla ingane 'yakhe'

2017-11-20 12:30

Durban - Uyavutha yintukuthelo owesilisa waseShowe enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal osola owesifazane obeshade nesiqumama esingumphathi wesitebele somculo sodumo, iMabala Noise, uReggie Nkabinde ngokunqwaha nengane athi ngeyakhe lona wesifazane umtshele ukuthi ibiza uNkabinde ngoba wehlukanise nalesi sikhulu kodwa wangasishintsha isibongo.

UMnu Sandile Masuku ukhala ngokuvinjelwa nguNkz Zandile Makhanya-Nkabinde - obeshade noMnu Nkabinde obuye abe nguMgcinimafa Jikelele we-ANCYL - ukubona nokondla le ngane enamasonto izelwe, athi ngeyakhe.

Uthi uMakhanya-Nkabinde ukhulelwe esemlobolile, sekusele ukuba ziwushaye phakathi kwabo futhi sebehlala ndawonye emzini kaMakhanya-Nkabinde oseMhlanga.

Utshele iphephandaba ILANGA ukuthi emuva kokukhulelwa kwakhe babe nokungaboni ngasolinye, bagcina sebehlukene, okuthe ingane isizelwe uMakhanya-Nkabinde wangabe esafuna ukuba asondele kuyona, wanqaba nokuba ayondle.

"Le ngane uma eyifake ezithombeni zeWhatsApp, ngiyayibona nje ukuthi ngeyami, ifana nezinye izingane zami. Uma ngimcela kahle ukuba ngiyoyibona, uvele abhoke ngolaka athi ngihlangana kuphi nengane ngoba ngeyakwaNkabinde futhi iyondliwa, akadinge lutho lwami.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abangu-20 ababalekela ukondla

"Ungesabisa nangokuthi bazongibopha. Uma ngithi masenze ulibofuzo ukuze ngimyeke nami ngikhululekile ngazi ukuthi ingane kakusiyona eyami, uyanqaba.

"Kade ngithumele abafowethu emzini wakhe ngithi mabayokhuluma naye ngalolu daba kodwa uvele wacasha ekamelweni, bamphika ekhona bathi useGoli.

"Kangifuni ukuba yisiphazamiso empilweni yakhe njengoba nami sengiqhubekile neyami kodwa ngidinga ingane yami nje kwaphela. Mina ngeke ngihlulwe wukondla amathumbu ami," kusho uMasuku.

Ethintwa uMakhanya-Nkabinde, uvumile ukuthi unayo ingane encane kodwa akanaso isiqiniseko sokuthi ngekaMasuku. Uma ngibala kuyaphambana futhi-ke ngisakhulelwe ubengihlukumeza, engichamela, angigwilizise emanzini. Umuntu okwenza izinto ezinje ungasho kanjani ukuthi unguyise wengane yakho?"

Thola udaba oluphelele kwiLANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.