Uyaveva umama ngengane eshayelwe ukweba ifoni kathisha

2016-11-23 14:30

Johannesburg - Ufuna ubulungiswa umama wengane efunda uGrade 2 esolwa ngokwebela uthisha iselula esikoleni.

Umama, 29, uthi indodana yakhe eneminyaka engu-8 ubudala yashaywa ngothisha namaphoyisa beyisola ngokweba i-iPhone.

Manje ingane isiyesaba ukubuyela esikoleni.

Ngokusho kukamama wengane ohlala KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, othisha abathathu bashaya ingane ngomhlaka-7 Novemba.

“Othisha bafika endlini yami bezofuna ifoni elahlekile. Bahamba bengayitholanga ngemuva kokupequlula,”  kusho umama.

Ngemuva kwezinsuku ezimbili kwafika amaphoyisa endlini.

OLUNYE UDABA: Ushonile owesilisa ohlaselwe emzini wakhe

“Ngangingekho, kodwa umndeni wami wangitshela ukuthi amaphoyisa ayesola indodana yami ngokweba ifoni kathisha. Bayishaya kabi yaze yavuvukala."

Kuthiwa amaphoyisa ahamba nayo indodana yami baya esiteshini samaphoyisa, aqhubeka nokuyishaya khona aze ayisabisa ngesibhamu.

Umama uthi akayiphikeli indodana yakhe ngoba wayengekho esikoleni kodwa lolu daba bekumele lusingathwe ngenye indlela. Manje uthi usefuna ukunxeshezelwa.

“Okunzima kakhulu ukuthi uthisha uthi akayibonanga indodana yami yeba ifoni kodwa wezwa ngezinye izingane.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uSicelo Khuzwayo uthe: “Sidumele ngesikuzwayo. Sizophenya ukuze sithole ukuthi kwenzakaleni.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.