Uyaveva umsakazi weGagasi olaxazwe abaphathi engalindele

2017-05-28 11:02

Durban - UNomfundo Clarissa oshayela uhlelo lwasemini olubizwa ngeBig Bang olungena ngehora le-12 kuya kwelesithathu ntambama, kubikwa ukuthi udinwe uyabitoza ngesenzo sabaphathi bakhe sokumkhipha kulolu hlelo.

Imithombo yeLANGA LangeSonto esondelene naye ipotshozele leli phephandaba ukuthi uNomfundo useswele lapho angaya khona, ashiye phansi kulo msakazo ngoba ubona ukuthi isenzo sabo sisho ukuthi abaliboni ikhono lakhe lokusakaza.

UNomfundo uzogcina ukusakaza lolu hlelo ekupheleni kwenyanga, njengoba selinikwe uDJ Lesoul ozobambisana noFelix Hlophe. Phambilini lolu hlelo belusakazwa nguKini Shandu ngokubambisana naye uNomfundo kodwa uKini wahamba eGagasini.

Ngemumva kokuhamba kukaKini uNomfundo uke walubamba yedwa kwase kwafakwa uFelix.

NgoLwesine kuleli sonto lesi siteshi sethule uhla lwabasakazi abazoqala ngenyanga ezayo ezinhlelweni ezahlukene.

OLUNYE UDABA:Bayabalwa abasakazi abafana noKhathide Ngobe

Kulowo mcimbi kuvele ukuthi uNomfundo usezobika nge-traffic ohlelweni lwantambama, oluzoshayelwa ngoDJ Sphectecula noDJ Naves abasuka emsakazweni ohlonishwayo iMetro FM. Baphinde bamnika uhlelo lwangoMgqibelo oluqala ngehora lokuqala kuya kwelesine ntambama. Ebuzwa yileli phephandaba ngamahlebezi okudinwa kwakhe uphikile wathi yena ujabule.

"Bayangisukela, ngijabule kabi mina, futhi ngibona ngikhulile ngoba sengiyosebenza ohlelweni olukhulu kanti futhi nakhona ngizobe ngisawubambile umbhobho," kusho uNomfundo.

Uphinde wathi, okumjabulisa kakhulu ukuthi uyosebenza noSphectecula noNaves, okungabasakazi abahlonipha kakhulu.

"Kufana nokuthi kufezeke iphupho kumina. Kwakuvele kuyiphupho lami ukusebenza nalaba basakazi," kuqhuba yena.

UNomfundo uthi akayi ndawo yena, ngeke awushiye lo msakazi kodwa ufuna ukukhulela kuwona.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.