Uyaveva uPitso ngokudliwa kweSundowns ngephanathi

2017-06-05 11:00

Cape Town – Umqeqeshi weMemelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uthukuthele uyaveva ngemuva kwephenathi enikezelwe yisitobha seqembu, uSoumahoro Bangaly, ngomzuzu ka-89 neyenze i-Esperance yashaya leli qembu lasePitoli ngo-2-1 emdlalweni weCAF Champions League.

UYassine Khenissi uyena obeke phambili kuqala leli qembu ebeliyizivakashi ngemuva kwemizuzu eyisithupha umdlalo uqalile eLucas Moripe Stadium ngoLwesihlanu, ngaphambi kokuba uSibusiso Vilakazi ashayele iSundowns elokulinganisa.

UYassine uthe ubonwa yini, wavalela phakathi igoli lakhe lesibili ngemuva kobekwa kwephenathi ngomzuzu wokugcina.

Lokhu kuwina kwenze ukuthi leli qembu laseTunisia lihlale phezulu eqoqweni uGroup C ngemuva kwemidlalo emithathu ngenkathi amaBrazilians wona ehlale endaweni yesibili. AmaBrazilians abuye ehlela endaweni yesithathu.

OLUNYE UDABA: Umnikazi weqembu lePSL usabisa ngokubopha abathi liyadayisa

Ngemuva kwalo mdlalo, uMosimane ugxeke kakhulu le phenathi evele ngomzuzu ka-89, wathi iqembu lakhe liphinde lazenzela phansi ngesikhathi esibalulekile.

“Ngibatshelile abafana ukuthi kumele baqonde umqondo wabaseNorth Afrika. Uma ubheka iphenathi abayithole bedlala neVita, ungabona, bahlakaniphile. Bayazi ukuthi kudlalwa kanjani. Badlalela iphenathi,” uMosimane etshela i-website yeSowetanLIVE.

“Angisho ukuthi bekungesiyona iphenathi. Kodwa bahlale bebeka umlenze laphaya, uyalwazi udaba.

“Futhi ngibatshelile abafana ukuthi kumele bahlakaniphe. Awukwazi ukuzama ukudlala ngendlela odlala ngayo ku-PSL kuChampions League, ikakhulukazi udlala nabaseNorth Afrika’.

“Uyazi, balala phansi khona kuzotholakala iphutha. Kubonakale ukushoda kwesipiliyoni sanikezela ngephenathi, ingithusile,” kukhala uMosimane. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.