Uyavutha uyise wengane ebizwe ngesilima

2017-06-19 11:02

Durban - Uyaveva owesilisa waseNdabeni, eNgwavuma, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngesenzo sikathishanhloko okuvela ukuthi ubize indodakazi yakhe eneminyaka engu-9 ubudala – efuna uGrade 4 – ngesilima ekilasini.

USfiso ‘Thokoza’ Mathenjwa, uthukuthele uyaqhuma ngenxa yento athi yenziwe nguThobile Siyaya onguthishanhloko waseNjakazane Primary School osolwa ngokubiza indodakazi ngesilima.

USiyaya usolwa ngokuthuka le ntombazane emasontweni amabili edlule. Kubikwa ukuthi ungene ekilasini lalo mfundi eyokhuza umsindo wafike wabuza ukuthi ngobani ababanga umsindo.

Ukhombe omunye umfundi ukuba abhale amagama azo zonke izingane ezibanga umsindo, wathi “ungasibhali lesi silima lesi”, esho ekhomba le ntombazanyana.

Mhlaka-5 kwephezulu, ILANGA libike kabanzi ngezinkinga ezibikwayo kulesi sikole lapho kunothisha abafake izincwadi zokushintshelwa kwezinye izikole ngoba bethi ngeke bakubekezelele ukuthakathwa ngabafundi.

Kuvele nokuthi kunabafundi abafakelwe ngomunye ushevu babuya esibhedlela. UMathenjwa uthi ngeke akuthole ukuthula enhliziyweni yakhe ngesenzo sikathishanhloko.

“Ngifuna ukumthathela izinyathelo zomthetho ngoba ukhombise ukungidelela. Noma ngabe unenzondo nami kakusho ukuthi sekumele ayedlulisele nasezinganeni zami.

OLUNYE UDABA: Owesilisa utshele umngani ukuthi ubulale indodakazi

“Akaqali ukuyenza le nto yakhe njengoba nangomunye unyaka wayenza le nto. Kulokhu ngiphoqelekile ukubakhipha abantwana bami ngibayise kwesinye isikole esiseduzane naso lesi,”  kusho uMathenjwa.

Umthombo ongaphakathi esikoleni uthi uSiyaya ubize ingxenye yothisha waya nabo ekilasini wafika wabuza ukuthi yimuphi umfundi obizwe ngesilima, yaphendula indodakazi yaMathenjwa yathi iyona, ibizwe uSiyaya.

“Lapho uthishanhloko uvele weswela ngisho umgodi wokucasha ngoba ingane imtshele kwezikabhoqo ukuthi uyibize ngesilima. Sishubile isimo lapha esikoleni, abanye basikaza ukukhipha izingane zabo bayozicelela kwezinye izikole ezingomakhelwane.

“Badinwa yisenzo sikathishanhloko nesigungu esilawula isikole ngokuthi kabawabizanga amaphoyisa ukuba ayophenya ngoshevu odliwe yizingane zabo. Nalabo thisha abafuna ukuhamba kabamile,”  kusho uMthombo.

Eziphendulela uthishanhloko, usiyaya, uthe kakulona iqiniso ukuthi ubize ingane ngaleli gama futhi yena akazi ukuthi unenzondo noMathenjwa.

Okhulumela uMnyango weMfundi KWaZulu-Natal, uKwazi Mthethwa, uthe kuyichilo ukuthi uthishanhloko angabiza ingane ngegama elifana naleli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.