Uyazisola umculi owaphelelwa wudumo esejola noBen 10

2017-05-14 10:30

Durban - UNtokozo Masinga uthi isahluko somjolo wakhe noMsawawa akasiphuphi ngisho elele.

Uthi ukuba kuya ngaye ngabe akwenzekanga ukuba bajole futhi uthi akazi nokuthi yayiqale kanjani.

"Ngiyazisola kakhulu ngalobu budlelwano ngoba bangehlisa isithunzi, baphoxa nabantu abaningi ababesondelene nami okubalwa kubo umndeni, nabalandeli bomculo wami," kusho uNtokozo.

Uqhuba watshela ILANGA LangeSonto ukuthi kuningi okonakala empilweni yakhe ngesikhathi ejola nalo mculi.

"Ngiyazi ngibe nawo amaphutha kulo mkhakha (womculo), ngaphoxa nabantu abebengithembile okubalwa noMdu Ngcobo ofana nobaba kimina emculweni. Kodwa kukho konke akukho okwedlula okokujola noMsawawa," kuqhuba uNtokozo, engeza ngokuthi ukube kuya ngaye ngabe akakhulumi nokukhuluma ngalobu budlelwano.

Ukujola kwalaba baculi kuphenduke undabuzekwayo cishe ngowezi-2009 kwazise uNtokozo ubemdala kunoMsawawa. Nabo bebengakufihli ukuthandana kwabo njengoba bebebonakala emicimbini eyahlukene, kucaca ukuthi bangamathe nolimi. Ngaleso sikhathi futhi bobabili bebengaphansi kwenkampani iTouch Africa.

UNtokozo ubonakale okokuqala e-Unique Lifestyle Cafe ngeSonto ngemuva kweminyaka emihlanu enyamalele kulo mkhakha. Kulo mcimbi bekuhlonishwa uMdu Ngcobo ongumnikazi weTouch Africa futhi osevundulule inqwaba yabaculi okubalwa naye uNtokozo. Uqhulule amanoni aduma ngawo okubalwa esihloko sithi "All I Need" nethi "Hello".

Udalule ukuthi usekhuza ibuya emculweni futhi esekhulile. Uthi kuphoqeleke ukuba aqale axolile kuNgcobo ngaphambi kokuba amamukele futhi njengoba esazoqhubeka nokusebenza neTouch Africa.

OLUNYE UDABA:ISundowns iyohlale iyikhaya kumina - Ben 10

"Baningi abantu engiqale ngaxolisa kubona kanti namanje ngisaxolisa kakhulu kubalandeli bami ngakho konke engikwenzile ikakhulukazi okomjolo. Ngifundile kulesi senzo njengoba singasophinde senzeke," esho.

Uthi okwamanje akajoli namuntu kodwa uzithandela indodakazi yakhe athi isho lukhulu kuyena.

Ngakolunye uhlangothi uMsawawa wenqabile ukuphawula ngokujola kwakhe nalo mzwilili.

"Akukho engizokuphawula okuthinta uNtokozo, ngiyaxolisa," eshaya ngamafuphi. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.