OweSibaya uyethule kozakwabo intombi, hhayi emndenini

2016-08-12 11:31

Johannesburg - UMduduzi Gumede odume ngelikaNtandane ohlelweni oluyintandokazi iSibaya kuthiwa uyethule kozakwabo intombi yakhe entsha, hhayi emndenini wakubo.

Ngokusho kwemithombo esondelene nalezi zithandani, kuthiwa uMduduzi uyazifela ngentombi yakhe entsha ogama layo nguPhindile Kubheka.

“Ngingasho ngokungananazi ukuthi uMdu uyazifela ngalophuma langa sikothe wentombi. Bahlezi bebonakala bendawonye nale ntombi, kusho umthombo ubikela abeSunday World.

OLUNYE UDABA:Ugcine ngokushona obeyolanda intombi esokeni lakudala

Ebuzwa ngale ntokazi, uMdu uqale washayela phansi phambi kokuba aphike.

“Singabangani nje kuphela, uma engumuntu wami, ngeke ngingabazi ukumbika ekhaya, hhayi kozakwethu basemsebenzini.

“Anginaso isizathu sokuphika umuntu engithandana naye, ngamqabula esihlathini emcimbini wamahhashi eThekwini,”kusho yena.

Uqhubeke wathi intombi athandana nayo ihlala eThekwini futhi okwamanje basashaya ngonyawo lonwabu. “Sizoyazisa imindeni yethu uma sesidlulela kwesinye isigaba sothando lwethu.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.