Uyiphendulile eyoMthethosisekelo uBathabile Dlamini - Ummeli

2017-03-14 11:01

Johannesburg – Kulandela ukudideka obekukhona mayelana nokuthi ngabe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini uzihambisile yini izimpendulo kwiNkantolo yoMthethosisekelo mayelana nesivumelwano sokuholelwa kwabantu abathola izibonelelo zikahulumeni, sekuqinisekisiwe ukuthi uphendulile izolo ebusuku.

UDlamini neSouth African Social Security Agency bahlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu ka-16:00 okuyisikhathi obekumele baphendule ngaso imibuzo yenkantolo.

Phakathi kweminye imibuzo, inkantolo ifuna ukwazi ukuthi izikhulu zazi nini ukuthi i-Sassa izobe ingakulungele ukuthatha izintambo kwi-Cash Paymaster Services (CPS), ifuna nemininingwane ngezingxoxo ‘eziqhubekayo’ nale nkampani.

Ngo-2014, inkantolo yathola ukuthi inkontileka ye-CPS ayikho emthethweni.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu siboshwe izandla nezinyawo

Ummeli kaDlamini, uTim Sukazi, ukuqinisekisile ukuthi zithunyelwe izimpendulo izolo ebusuku ngohlelo lobuchwepheshe kanti namhlanje ekuseni kuzohanjiswa ngqo amaphepha enkantolo.

USukazi uthe uDlamini wehlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu ka-16:00 kodwa uthi lezi zinto ziyenzeka.

“Kwesinye isikhathi uma izinto zingaphezu kwamandla akho kubanokubambezeleka.”

USukazi uthe iSassa yazi ngo-Ephreli kuya kuMayi ngonyaka odlule ukuthi ngeke ikwazi ukuthatha izintambo kwi-CPS. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.