UZakes Bantwini uthi osaziwayo banamanga

2017-09-22 16:00

Johannesburg - Umculi uZakes Mantwini ogamalakhe lokuzalwa nguZakhele Madida ubeke umbono wakhe ngokubaluleka kwemfundo engxoxweni abe nayo noGarreth Cliff, kwiCliff Central.

UZakes ekhuluma ohlelweni uzwakalise ukudumala okukhulu ngosaziwayo abatshela intsha ukuthi "ingaphumelela" ngaphandle kwemfundo.

OLUNYE UDABA:Kuboshelwe abanohlonze kowokuhlukanisa unyaka

Lo mculi owenza izifundo zomculo nezamabhizinisi, uthe njalo uma ehambele izinhlelo zomculo, laphjo abantu bekhuluma khona nosaziwayo, ubona sengathi abantu bayakuthanda ukuqamba amanga.

"Ukutshela abantu ukuthi "awusidingi isdikole, lento ungayenza ngaphandle kokuhlala edesikini" ngivele ngithi banamanga! Mhlawumbe wena awusidingi isikole kodwa musa ukutshela izingane ukuthi azisidingi isikole ngoba ubaphuca ulwazi," usho njalo.

"Sengineminyaka kule ndima, hhayi ngoba ngihlakaniphile noma nginekhono, kodwa yingoba ngaya esikoleni. Ngihlezi ngibatshela abantu ukuthi isikole siyasiza ekutheni ucabange ngendlela ehlukile futhi isikole siyisisekelo sosaziwayo nabantu," esho.

 - INSTAGRAM:

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.