Uzalelwe yinj'endlini ukhomishana wamajele e-KZN

2017-03-21 08:05

Durban - Uzalelwe yinj'endlini ukhomishana wamajele KwaZulu-Natal, uMnikelwa Nxele, emuva kokuchithwa kwesicelo sakhe enkantolo yamacala ezisebenzi eThekwini ngasekuqaleni kwesonto.

Inkantolo ithathe lesi sinqumo ngasekuqaleni kwesonto ngemuva kokuba yena (uNxele) ebhalele inkantolo incwadi eyazisa ukuthi mayithathe isinqumo ngodaba lokumisa kwakhe uKhomishana wesifunda saseThekwini uJabulani Zikhali kodwa ingamkhokhisi (yena) izindleko zecala.

Kulolu daba uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke ubumelwe ngummeli wasemajajini u-Advocate Guido Penzhorn, ejutshwe ngu-Adv S Jikela kanti uZikhali ubemelwe wuqweqwe lommeli wezezisebenzi uMzolisi Nonyongo.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngeziqu zomgunyathi enyuvesi

Udaba luthathe cishe imizuzu eyi-15 emuva kokuba u-Adv Penzhorn ecele inkantolo ukuba ichithe isicelo sikaNxele sokuba angazikhokhi izindleko. U-Adv Penzhorn ucele inkantolo ukuba ikhiphe isinqumo sokuba uNxele akhokhe izindleko zommeli omjubile, ngezakhe kanjalo nezomnyango. 

Kusukume uNonyongo wathi: "Nkosi yenkantolo, ngibona ukuthi kwakhona lokhu ukuba ummangalelwa abhalele inkantolo incwadi enje kuwukwedelela inkantolo. Ngicela ukuba ikhiphe isinqumo sokuba akhokhele zonke izindleko zommeli kammangali, nezommangali."

Inkantolo ayichithanga sikhathi yasikhipha isinqumo sokuthi uMnu Nxele akhokhe zonke izindleko zaleli cala.

UZikhali uphume ankantolo kuqhilika izihlathi, waxhawula ephindelela ummeli wakhe. Kuvele kwacaca ngesikhathi kuqala icala ukuthi uMnu nxele uphendukelwe ngisho ngabaphathi bakhe kuzwelonke.

Ubengekho enkantolo kanti ubengamelwe muntu. Lolu daba luwumvuka wempi engaphakathi kulo mnyango lapho uMnu Nxele emise emsebenzini uMnu Zikhali ekuqaleni kwalo nyaka, emsola ngokuthi wakokotela iziqu zakhe zeMasters kodwa ikomkhulu lomnyango ePretoria lamkhuza ngaleso senzo, lathi lolu wudaba oluphakathi kwenyuvesi noZikhali.

Kodwa akawulalelanga lowo myalelo, waqhubeka nokummisa kwabe uyinyathele emsileni wafakwa emthethweni, induku yashaya umviki. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

     

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.