UZalo seluzodlala zonke izinsuku - Motsoeneng

2016-07-11 20:33

Cape Town – Isikhulu sakwa-SABC uHlaudi Motsoeneng umemezele ukuthi umdlalo oyintandokazi kuleli, uZalo, seluzodlala njalo phakathi nezinsuku.

Lesi sinqumo siza ngemuva komsindo osuswe wumbiko wephephandaba iSunday Times elibike ukuthi i-SABC iqinisekisile ukuthi isikhulu salo msakazeli uHlaudi Motsoeneng uguqule isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yoZalo.

Kuthiwa lo mdlalo usinikezwe yi-SABC imali engu-R167 million ukuba iqhubeke nokukhonjiswa.

Lo mdlalo ongaconsi phansi kwabaningi, omunye wophrojusa bawo yindodakazi kaMengameli Jacob Zuma, uGugu Zuma-Ncube.

OLUNYE UDABA: Ophrojusa boZalo bayaziphendulela kulandela ukuqubuka komsindo

Kuthiwa uMotsoeneng usishaye indiva isinqumo esathathwa yikomidi le-SABC ngo-Ephreli sokuthi lo mdlalo ungavuselelwa.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoMsombuluko ntambama uthe: “Empeleni, sengizonikeza uZalo izinsuku ezinhlanu lukhonjiswa ku-SABC1. Kumele lunikezwe ithuba lokuncintisana neminye imidlalo esezingeni lwalo.”

"Yonke imidlalo eyenza kahle ngokuthi ibe nababukeli abaningi futhi ingenise imali kwa-SABC, izonikezwa izinsuku ezinhlanu, okubalwa noZalo,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.