Uzame ukuzibulala indodana ifuna izinkomo zokulobola umqwayizi

2017-02-09 11:01

Masvingo – Owesifazane waseZimbabwe, 48, kubikwa ukuthi uzame ukuzibulala ngemuva kokuthola ukuthi indodana yakhe endala ifuna ukushadelwa ngumqwayizi.

Ngokombiko weNew Zimbabwe, uNomathemba Moyo ulwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kokuphuza ushevu wamagundane ngoMgqibelo owedlule.

Amaphoyisa athe uMoyo uphuze ushevu kulandela ingxabano eshubile abenayo nendodana yakhe endala uJonathan Ngwenya, 22, efuna ukuthatha uCaroline Munetsi, ongumqwayizi, imenze umkayo.

OLUNYE UDABA: Usinde esegwazwe amanxeba angu-7 owesimame

"Indodana yakhe endala ifike ekhaya nomqwayizi ngoLwesine ebusuku ngesonto eledlule, yathi ifisa ukumenza umkakhe nakuba imazi kahle ukuthi ungumqwayizi odumile.

"Ubefuna umama wakhe amnikeze izinkomo eziyisithupha efeni elashiywa nguyise, waphinde wamtshela nokuthi ubesehlele nabazali bomqwayizi ukuthi uzofika ngeSonto ezolobola,” kusho umthombo ocashunwe yiphephandaba.

Ngonyaka odlule owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala waseLangeni Village wazibulala ngemuva kokuba umqwayizi enqabe ukuba ngumkakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.