Uzame ukuzibulala owenza uGrade 5 ehliselwa kaGrade 4

2016-06-30 20:30

Johannesburg – Umfundi oneminyaka engu-11 ubudala uzame ukuzibulala ngemuva kokuba ‘kuthiwe’ uzojeziswa ngokuthi ehliselwe ebangeni elingaphansi kwalifundayo.

Izinsolo zithi umfundi owenza uGrade 5 esikoleni esizimele eGoli ubehleka eklasini, uthisha wakhe ubemsola ngokuthi uhleka yena wabesemhambisa ka-Grade 4.

Uthisha uphinde wabhalela umama wengane incwadi emazisa ukuthi indodakazi yakhe yehlisiwe ngenxa yokuthi inomkhuba wokudelela. Izobuyiselwa ka-Grade 5 uma izoziphatha kahle.

Funda nalolu daba: Babuyela emsebenzini ebebetelekile

Kuthiwa ingane ifike ekhaya yathatha inqwaba yamaphilisi yawaphuza. Le ngane kuthiwa ihlale egujini labagula kakhulu esibhedlela izinsuku eziphili.

Umama ukhala ngokuthi ingane inikwe isijeziso esiqine kakhulu futhi esiyenze yahlambalazeka.

U-Oupa Bodibe woMnyango wezeMfundo eGauteng uthe basivakashelile isikole kanti basalinde isitatimende sabazali, kubika iThe Star.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.