Uzame wancama uRamaphosa ukunqanda udaba lwezintombi zakhe ezingu-8

2017-09-03 15:35

Johannesburg - Ngemuva kokuhluleka ukusebenzisa inkantolo ukunqanda udaba lwakhe namashende akhe, iphephandaba i-Sunday Independent iqhubekele phambili nokushicilela udaba lePhini likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.

Leli phephandaba lithi uRamaphosa ongumnumzane wekhaya oganiwe futhi unezingane, uthandana nabesimame abayisishiyagalombili, kodwa lishicilele ngabathathu kuleli sonto.

Leli phepha liveza imininingwane yangasese ngokuthi laba besimame sebake baphuphunyelwa yizisu, kanti kukhona namameyili aputshukile abonisa ukukhungatheka ngokwengqondo komunye walaba besimame.

Leli phephandaba lixhumanile nalaba besimame, oyedwa ukuqinisekisile ukuthi ubeyishende likaRamaphosa, wathi kodwa abasathandani. Omunye uphike wama entabeni, kanti lo wesithathu akafunanga ukuphendula.

OLUNYE UDABA:Abangani bami bayawasebenzisa amakhondomu amasha - Ramaphosa

NgoMgqibelo ebusuku uRamaphosa kuthiwa ufake isicelo esisheshayo enkantolo sokuzama ukunqanda leli phepha ukuba lishicilele kodwa inkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng High Court.

IJaji uBashier Vally, uthe uRamaphosa akanikezelanga imininingwane eyanele eveza ukuthi lolu daba lwakhe luyaphuthuma.

UMhleli waleli phepha uSteven Motale utshele abeNews24 ukuthi imiphumela yenkantolo iqinisa inkululeko yabezindaba.

"Uzenza umuntu oziphethe kahle, kumele ngabe wazi kangcono,"kusho uMotale.

NgoMgqibelo emini uRamaphosa uzame ukuluvala lolu daba ngokuthi abantu baqamba amanga ngaye ngokuneka amahlazo ngempilo yakhe ukuze bamcindezele.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.