UZanele Mbokazi nomcimbi wokutshela abesimame "ezikabhoqo"

2017-08-08 18:00

eThekwini – Njengoba izwekazi iNingizimu Afrika ilungiselela ukubungaza inyanga kanye nosuku lwembokodo ngemicimbi eyahlukahlukene; iWorld Gospel Powerhouse ngeke ize isale ngaphandle nayo.

I-World Gospel Powerhouse izokwethula ingqungquthela yaminyaka yonke, iWoman to Woman: Ezikabhoqo, ingqungquthela yabesifazane abadala nabasebasha.

Le ngqungquthela enamandla nehlukile kwezinye izingqungquthela isungulelwe ukuthi idingide kabanzi ngezihloko ezithokozisayo ezithinta abantu besifazane, okubalwa kuzo: ezothando, ukulawulwa imizwa, ezocansi, ezezimali, umndeni nabantwana, impumelelo kanye noNkulunkului.

OLUNYE UDABA:Owe-IFP uthi akazange athi kuphenywe abesimame ngaphansi - Umbiko

Umcimbi uzobe uhanjelwe abesifazane abaqhamuka eThekwini namaphethelo futhi isikhulumi sosuku kuyobe kungumama u-Zanele LaMbokazi Nkambule odume nowaziwa kakhulu njengesekhulume esikhuthaza abantu, umbhali wezincwadi, usaziwayo.

“Abantu besifazane bayisipho esihle kakhulu esaphiwa sona kulo mhlaba esiphila kuwo futhi siyazazi izinkinga ababhekana nazo mihla namalanga futhi siyawazi namagalelo abo empilweni.

"Lokhu yinoka okusenza siyi-World Gospel Powerhouse sibone kufanele ukuthi sihlanganise abantu besifazane ebukhoneni buka Nkulunkulu ukuze sizokwazi ukwakhana sibonisane ngezinto eziningi esibhekana nazo, nanokuthi singaphumelela kanjani,” kusho uZanele La-Mbokazi Nkambule 

ULaMbokazi uzobe ehambisana noSamke Shelembe (make-up artist) no Maryanne Vundla ongumpheki abazobe besiza abesimame ngamakhono okufaka iziphaqulo nenhlanzeko kanye nokucobelelana ngolwazi ngezokuphela.

Le ngqungquthela izoba ngosuku lwembokodo,09 Agasti 2017 (Ngolwesithathu) kusukela ngo-12:00 emini.

Indawo: Ambassadors House Ministries - 3rd Floor Nicol Square Parking Center - ekhoneni lwemigwaqo, Broad & Commercial Street, edolobheni laseThekwini. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.