Uzibulele odubule walimaza abantu emahhovisi eYouTube

2018-04-04 12:30

San Bruno, California – Owesifazane uvulele ngenhlamvu ephethe isibhamu esincane ekomkhulu le-YouTube ngaseSan Francisco ngoLwesibili, walimaza abantu abathathu ngaphambi kokuba azibulale, kusho iziphathimandla.

Amaphoyisa awazange alisho igama lomsolwa noma ukuthi yini emenze wayokudubula e-YouTube, okuyinkampani engaphansi kwe-Alphabet Inc's Google enabasebenzi abalinganiselwa kwabantu-2 000 eSan Bruno, emahhovisi aseCalifornia.

Owesifazane uqonde lapho kudlelwa khona ngezikhathi zasemini, wadubula ngaphambi kokuba aqhubeke nokungena ngaphakathi ebhilidini, kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Iboshiwe indoda eyagwaza abazaliyaliwe yintombi

ISan Jose Mercury News, icaphune umthombo ongaphakathi emaphoyiseni uthi kusolakala ukuthi ubefuna isoka lakhe abexabene nalo ekhaya.

Uhulumeni waseMelika utshele iReuters ukuthi lesi sigameko kasihlobene nobushokobezi.

I-ABC News, nayo ecaphune ongafunanga ukudalulwa, ithe umsolwa uneminyaka ephakathi kuka-35 nengu-40 ubudala, kanti uhlala eSouthern California, futhi akasebenzeli i-YouTube.

Isikhulu esiphezulu e-YouTube uSusan Wojcicki kasifunanga ukuphawula ngesigameko ngesikhathi siphuma ebhilidini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.