Uzibulele oqale wabulala indodakazi wadubula indodana

2016-07-28 13:32

Dania Beach – Abaphenyi bathi indoda yadubula yabulala indodakazi yakhe enonyaka izelwe yalimaza indodana yayo eneminyaka engu-7 ubudala ngaphambi kokuzibulala ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kwayo nomama wezingane ngaku-South Florida Road.

Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-01:30 ngoLwesithathu eDania Beach eningizimu naseFort Lauderdale.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala ingane nge-Vodka

Okhulumela amaphoyisa aseBroward uGina Carter utshele abezindaba ukuthi umndeni ubuhamba ngemoto yawo. Uthi lo mama waphuma emotweni eyozama ukufuna usizo emzini wesihlobo.

Ngesikhathi engaphakathi kulo muzi wezwa ukuqhuma kwesibhamu. UCarter uthe uTimothy Hollis, 32, noKalila Hollis bashonele endaweni yesigameko. UTimothy jnr waphuthunyiswa esibhedlela esesimeni esibi.

UCarter uthi abaphenyi abazi ukuthi yini eyadala ingxabano. igama likamama belingakadalulwa.

 - US

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.