UZikalala ushiye angalazi kuCele ngokugxeka uZuma

2017-08-17 09:33

Johannesburg – Usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uSihle Zikalala ugxeke ilungu eliphezulu le-ANC uBheki Cele.

UCele kuleli sonto uthe uzizwa ehlambalazekile ngokuba yilungu lekomidi eliphezulu kwi-ANC ngoba uMengameli Jacob Zuma wehlulekile ukwakha ubumbano nokubhekana nenkohlakalo.

UCele uphinde wagxeka uMengameli ngokukhankasela lowo owayenguSihlalo we-AU uNkosazana Dlamini-Zuma ukuba abengumengameli olandelayo weqembu.

"Uma uBheki Cele esitshela ukuthi uNkosazana ubengekho, sifuna ukumtshela namhlanje ukuthi ubelokhu ekhona eyilungu le-ANC, akaze ashiye.”

OLUNYE UDABA: Icasule abaningi indodana kaMengameli Mugabe ngombhalo wayo

I-ANC KwaZulu-Natal izobuyela enkantolo ngoLwesine njengoba uqhubeka umbango wezikhundla zobuholi.

Udaba olusenkantolo lumayelana nengqungquthela yesifundazwe yokukhetha ubuholi ngo-2015, okwakhishwa kuyona uSenzo Mchunu njengoSihlalo we-ANC esifundazweni.

Abalandeli bakhe bathi uhlelo lwalunezinkinga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.