UZille kumele axoshwe njengondunankulu – EFF, ANC

2017-03-16 18:07

Cape Town – I-EFF kanye ne-ANC sebenxuse iDA ukuba ihoxise uNdunankulu waseWestern Cape, uHelen Zille, kulandela imibhalo yakhe ayibhale kuTwitter nalapho ebevikela khona uhulumeni wengcindezelo.

I-EFF ikuchithile ukuxolisa kwakhe, yathi into engasho lutho.

Ngakolunye uhlangothi i-ANC eWestern Cape isinxuse iDA ukuthi ihoxise uZille “ngezinsolo zakhe eziwubudedengu futhi ezinokuzithwala”.

UZille ubhalea kuTwitter wathi: “Ngingena ebhanoyini manje futhi angeke ngingene ku-Wi-Fi ukuze ngizonqamula labo abacabanga ukuthi yonke into eyashiywa uhulumeni wengcindezelo yayiyimbi.

“Kulabo abacabanga ukuthi okwashiywa uhulumeni wengcindezelo kwakukubi kuphela, cabanga ngezobulungiswa zethu ezizimele, ingqalasizinda yezokuthutha, amanzi asemapayipini nokunye,” ubhale kanje.

Ubuye waxolisa ekuhambeni kwesikhathi wathi ubengaqondile ukuvikela uhulumeni wengcindezelo.

OLUNYE UDABA: UZille uzoqondiswa izigwegwe ngakubhale kuTwitter – Maimane

Okhulumela i-EFF, uMbuyiseni Ndlozi, uthi uZille akaxolisi ngoba ebona ukuthi uphaphalazile ngokuphawula kwakhe, kodwa uxolisa “ngoba lo mbono ungase uhlukumeze abanye”.

Uthi akekho umuntu okumele ukuthi avunyelwe akhulume kanje esehhovisini likahulumeni.

I-ANC eWestern Cape ithi umlando wabantu abamnyama kanye neqhaza lawo bekulokhu “kuyiphilisi okunzima ukuligwinya” kuZille.

Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uZizi Kodwa, uthi uma kungukuthi iDA izinikele ngempela ekwakheni umphakathi ongenakucwasa ngokwebala, ongacwasi ngokobulili futhi olinganayo, kuzomele ikhombe indlela uZille.

Ngaphambilini, umholi weDA, uMmusi Maimane, ucashunwe eziqhelelanisa nalokhu kuphawula kukaZille, wathi akwamukelekile futhi kuphambene nomgomo weqembu ngezinkundla zokuxhumana. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.