Uzingqongqise ngomlilo obefuna i-ID yakhe esitehsini smaamphoyisa eKZN

2016-07-05 20:29

Durban – Indoda ebithukuthele ngodaba lwayo lukamazisi wayo izibhunyele ngophethiloli esiteshini samaphoyisa aseHillcrest KwaZulu-Natal ngoLwesibili, kusho amaphoyisa.

Le ndoda ephinde yazama ukushisa imoto idutshulwe ngamaphoyisa yalimala.

"Le ndoda eneminyaka engu-36 ubudala ifike esiteshini samaphoyisa nophethiloli yazibhunyela ngawo ngaphakathi esiteshini eMolweni," kusho okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane.

OLUNYE UDABA: Kugcine kumenele owokhela umyeni wakhe ngomlilo

"Le ndoda ithe uma singayiniki umazisi yawo, izozishsa iphinde ishise isiteshi," kusho uZwane.

Ngokusho kukaZwane amaphoyisa ayibambile le ndoda ngaphambi kokuba oydewa waamaphoyisa ayikhiphele ngaphandle ebhilidini.

"Izithungele ngomlilo yazama nokushisa imoto ebipake ngaphakathi emagcekeni esiteshi," kusho uZwane.

Ngesikhathi kufika amanye amaphoyisa ezoyihlenga le ndoda izame ukubamba elinye iphoyisa," kusho uZwane.

Amaphoyisa ayidubulile le ndoda yalimala. Kwafika i-ambulensi ngemuva kwesigameko izolapha le ndoda ngaphambi kokuba iphuthunyiswe esibhedlela.

UZwane uthe ngenxa yokulimala kwale ndoda, bekufanele iphuthunyiswe esibhedlela kuqala. Izobuye ithweswe icala. 

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.