Uzinikele amaphoyiseni osolwa ngokubulala iphoyisa nomama walo

2017-09-01 16:02

Johannesburg - Uzinikele emaphoyiseni aseDennilton ngoLwesine ebusuku owesilisa oneminyaka engu-35 ubudala owabaleka ngemuva kokubulala iphoyisa lomgwaqo laseLimpopo kanye nomama walo.

Owesilisa kuthiwa wadubula wabulala uKotelo Tshepe, 26, owayeyiphoyisa lomgwaqo elisebenzela eGroblersdal, kanye nomama walo uMakitla Chiliki, 62.

Ubehamba nommeli wakhe ngesikhathi ezozinikela emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kushone abashayeli kungqubuzana izimoto

Okhulumela amaphoyisa uMoetshe Ngoepe uthe umsolwa ubephethe isibhamu ngesikhathi eboshwa.

Uthe isibhamu sizohlolwa ukuthola ukuthi yisona yini okwadutshulwa kwabulawa ngaso izisulu.

Umsolwa, okukholakala ukuthi uyisoka likamufi wabakela endaweni yesigameko ngemoto yohlobo lweToyota Conquest, eyashiywa ngasegaraji likaphethiloli eSiyabuswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.