Johannesburg – Uzinikele emaphoyiseni owesilisa waseDaveyton obefuneka ngecala lokugwaza abulale intombi yakhe phambi kwengane yabo eneminyaka eyisithupha ubudala, kusho okhulumela amaphoyisa aseGoli uKay Makhubele ngeSonto.
Owesilisa ubelokhu egcwele izinkalo kulandela isehlakalo sangoJanuwari 15.
Kungazelele muntu, ufike esiteshini samaphoyisa eYeoville ngezithuba zabo-02:00 ngeSonto wazinikela.
Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngoMsombuluko ngecala lokubulala.
UMakhubele uthe kwesinye isehlakalo, owesilisa waseDobsonville uboshiwe ngecala lokudlwengula indodakazi eneminyaka engu-8 ubudala ngoMgqibelo.
OLUNYE UDABA: Itholakale ipoqokile imoto eshayisane neloli
Intombazane ihlala noyise kanti kuthe uma kufika unina esuka eKliptown, eSoweto, ezovakashela ingane yakhe, yamtshela ukuthi uyise akafuni iyodlala nezinye izingane.
Kuthe uma ephenyisisa, owesifazane wabona izimpawu zokuhlukunyezwa nezokudlwengulwa, wabikela amaphoyisa.
Umsolwa ube eseboshwa kanjalo.