Uzinikele emaphoyiseni obulale unina 'eqhutshwa yimimoya emibi'

2017-07-20 16:01

Johannesburg - Izinikele emaphoyiseni indoda entathakusa ngoLwesithathu yawatshela ukuthi imimoya emibi eyiyalee ukuthi ibulale unina.

Okhulumela amaphoyisa aseSunnyside, uCaptain Danile Mavimvela ngoLwesine, uthe amaphoyisa ashaqekile ngakufice efulethini lomsolwa eliseSunnyside, empumalanga yePitoli.

"Athole isidumbu sikamama kamsolwa sidindilize phansi kugcwele negazi," usho njalo.

OLUNYE UDABA: Usola imimoya emibi owabhaxabula unkosikazi enkonzweni

"Kusolwa ukuthi umufi ushone kulandela ukuthola amanxeba okugwazwa ngommese otholwe endaweni yesigameko."

UMavimbela uthe umsolwa, 31, uzifikele mathuba esiteshini samaphoyisa ngoLwesithathu.

"Ufike watshela amaphoyisa ukuthi imimoya emibi yiyo ethe akabulale umama wakhe oneminyaka engu-57 ubudala."

Umsolwa kulindeleke ukuba athweswe icala lokubulala, avele naseNkantolo yeMantshi yasePitoli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.