Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokubulala umfowabo

2016-11-21 12:34

Nelspruit – Owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBalfour ngoMsombuluko ngezinsolo zokudubulala abulale umfowabo ngempelasonto.

Amaphoyisa aseMpumalanga athi owesilisa oboshiwe uzobhekene necala lokubulala kanye namathathu okuzama ukubulala.

NgoMgqibelo ngezithuba zabo-20:00 amaphoyisa abikelwa ngabantu abalimale emzini okuLetsoko Street eSiyathemba, ngaseBalfour.

UBrigadier Leonard Hlathi uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesehlakalo athola owesilisa owathi uqashile kulo muzi.

“Owesilisa wabatshela ukuthi wayemi ngaphandle nonkosikazi womnikazi womuzi ngesikhathi kuqhamuka imoto ebomvu yohlobo lweToyota Conquest ngasesangweni, kwezwakala umfowabo omncane womnikazi womuzi esebachapha ngenhlamba,” kusho uHlathi.

OLUNYE UDABA: Abe-ANC bahlela ukuhlambalaza uZuma

“Wabe esekhipha isibhamu wadubula inkosikazi kamfowabo, wadlula lapho waqonda kumfowabo wafike wamdubula kanye nezinye iziqashi ezimbili.”

UHlathi uthe umfowabo kamsolwa ushonele endaweni yesehlakalo, kanti abanye abathathu baphuthunyiswe esibhedlela besesimeni esibucayi.

“Umsolwa wabaleka ngemoto yakhe endaweni yesehlakalo kodwa wazinikela emaphoyiseni aseBalfour izolo (ngeSonto) ngezithuba zabo-08:00 ekuseni.”

Amaphoyisa asathungatha isibhamu okudutshulwe ngaso.

- ANA

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.